UCristiano Ronaldo litsotsi

22 Jun, 2017 - 02:06 0 Views
UCristiano Ronaldo litsotsi

uMthunywa

MADRID — Intandokazi yomdlali weReal Madrid, uCristiano Ronaldo, osolwa ngokubalekela ukubhadala imali yentela (tax) i-€14.7m, usebizelwe ukuba azovela phambi kukamehluli weSpain mhlaka 31 Ntulikazi, imithombo yezobulungiswa itshele i-AFP.

URonaldo, 32, okubikwa ukuthi usefunge wagomela ukuthi angeke aphinde ayidlalele iReal Madrid, ubizelwe enkantolo yaseMadrid mhlaka 31 Ntulikazi ukuze ezophendula ngamacala amane okubalekela ukukhokha intela ye-14.7 miliyoni euro ($16.5m).

Ngaphezu kwalokho iziphathimandla ezibhekelele ukuqoqwa kwentela eSpain zifuna uJose Mourinho, umqeqetshi weManchester United, osolwe ngoLwesibili ngokubalekela ukukhokha u-3.3 miliyoni euro ($3.7 miliyoni) wentela ngesikhathi ehleli eReal Madrid.

URonaldo ongeneme neze, osethole indondo yokuba ngumdlali ovelele emhlabeni izikhathi ezine, sekunongabazane ngekusasa lakhe kulezi zinkunzi zaseSpain kanti useyamaniswe le-United kanye lamanye amaqembu amakhulu ngemva kokumemezela ngentukuthelo ngesonto eledlule ukuthi unembeza wakhe “umsulwa”.

Ngokwemibiko yabezindaba, uRonaldo akasahleli neze kahle kuReal Madrid njengoba ekholwa ukuthi labo mpetha base-Europe abazange bamsekele ngokugcweleyo njengoba kade ethembile ekungabonini kwakhe ngaso linye labaqoqi bentela.

Ngale kwalokho useke wakhononda izikhathi ezinengi ngaphambilini ngabalandeli beReal, abebebuye babe lomkhuba wokumhahameza kwesinye isikhathi ngomdlalo wakhe enkundleni.

Kodwa-ke noma kunjalo uMongameli wale kilabhu, uFlorentino Perez, udalule ukuthi azikho iziphakamiso abesazitholile zokuthenga lumdlali futhi le kilabhu ifuna ukumgcina.

Ngaphambilini iMarca ibike ukuthi uRonaldo usebatshelile ozakwabo ukuthi uyatshiya futhi “akukho ukubuyela emuva”.

Iphephandaba lezemidlalo lasePortugal, i-A Bola, lalo libike ukuthi uPerez usevele usetsheliwe ngesinqumo salo umdlali.

Share This:

Sponsored Links