Kusolwa ukuthi uzibulele umlingisi wodumo

15 Jun, 2017 - 02:06 0 Views
Kusolwa ukuthi uzibulele umlingisi wodumo UGunman

uMthunywa

JOHANNESBURG — Indima yezokujabula eSouth Africa  isiphinde yalahlekelwa, kulandela ukudlula emhlabeni komlingisi wodumo weYizo Yizo.

Umlingisi, uJabu Christopher Kubheka, utholakale efile emzini oseSoshanguve, eTshwane ngoMvulo ntambama.
Kusolwa ukuthi lumlingisi uzibulele.

Umdeni usalinde ukuhlolwa kwesidumbu ukuze kutholakale ukuthi ubulawe yini.

UKubheka wayedume kakhulu ngoGunman emdlalweni iYizo Yizo owawuboniswa ku-SABC1 kanti futhi wayesaziwa ngoBazooka kuZone14, layo eyayidlala ku-SABC1,

Isihlabani somculo we-kwaito, u-Arthur Mafokate, sibhale ku-Twitter ngoMvulo ebusuku ukuthi akasekho emhlabeni lumlingisi. — News24

Share This:

Sponsored Links