Uzobonakala kuZalo osezakhele igama

24 Apr, 2017 - 00:04 0 Views
Uzobonakala kuZalo osezakhele igama USiyabonga Shibe ozobonakala emdlalweni Uzalo uzofikela emdenini wakhe obonakala kulesi sithombe ngokomdlalo

uMthunywa

UTHEMBISA ukuwushubisa umdlalo Uzalo, uSiyabonga Shibe, ozobonakala maduze elingisa indawo kaQabanga.

UQabanga kulo umdlalo uzofika engumfowabo wesigebengu uNkunzi (Masoja Msiza).

USiyabonga wethulwe ngokusemthethweni esithangamini labezindaba ebesiseMhlanga, eThekwini, kuviki ephelileyo.

Ekhuluma ngalo umdlalo uSiyabonga, uthe abantu bazobona ubunzima azobhekana labo njengoba umfowabo eyisigebengu yena elipholisa.

“Kuzoba lezinhlupho ezinengi azobhekana lazo, uzobonakala ukuthi ngabe uzombopha yini umfowabo oyisigebengu. Kodwa abantu bazoyijabulela indawo engizobonakala kuyo futhi izokhulumisa abantu abanengi,” kuchaza uSiyabonga.

Uthe kulumdlalo kuzoba nzima kuQabanga ukuthatha isinqumo sokuthi akhethe umdeni wakhe noma umsebenzi.

Kulesi sithangami omunye wababhali balo mdlalo, uPhathutshedzo Makwarela, uthe njengoba usukhonjiswa izinsuku ezinhlanu ngesonto usuzoba nesasasa futhi ubuyisa izinto ezabonakala kudala.

“Abantu abangacabangi ukuthi uma sekudlule okungafinyelelanga esiphethweni lokho sisuke sesikhohliwe yikho. Zonke izigameko esezibonakele sisazobuyela kuzo futhi kubonakale isiphetho ngazo,” kutsho yena.

Uthe kulo mdlalo izinto zisazoba nzima kakhulu.

Okutshiwo uPhathutshedzo kufakazelwe isiqetshana esincane abasikhombisile njengoba ekugcineni uMaNgcobo ezoqeda ngenkosikazi kaNkunzi * uInnocentia (Sthandwa Nzuza).

Kuzobonakala loSmangele (Sihle Ndaba) olengcindezi ngokuvela kokuthi ingane okucatshwangwa ukuthi eyakhe akuyona eyakhe.

Esiqetshini esibonakele uSmangele uyavinjwa ezama ukuziphonsa olwandle kodwa lokho akuphumeleli ngoba ugcina eziphonsile. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/JRD3VTT" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds