Usedlule emhlabeni uSfiso Ncwane

08 Dec, 2016 - 00:12 0 Views
Usedlule emhlabeni uSfiso Ncwane

uMthunywa

Durban— Sekuqinisekisiwe ukudlula emhlabeni komculi wokholo, uSifiso Ncwane.

Ngokwemibiko evezwe iphephabhuku iDRUM, udadewabo kaSfiso, uGugu, ukuqinisekisile ukudlula emhlabeni kwalo mculi okuthiwa utshonele esibhedlela saseGoli.

Lumculi waveza ngoMgqibelo emcimbini owawuseLimpopo ukuthi akaphilile kahle.

Yize kunjalo lo mculi wenza adume ngakho ngoba ethi ngeke abaphoxe abalandeli bakhe njengoba ayeseze wafika kule ndawo.

Elinye iphephabhuku iMOVE iveze ukuthi lumculi ubekhwehlela igazi ngeSonto ebusuku uphuthunyiswe esibhedlela lapho atshonele khona ngoMvulo ekuseni.

UNcwane utshone ngenxa yokubantekenteke kwezinso esibhedlela saseGoli.

UMsunguli we-SA Crown Gospel Awards ukuqinisekisile lokhu wathi yize engakakhulumi lonkosikazi walumculi, usekhulumile labantu abasondelene laye abawaqinisekisile lama hlebezi.

Yize ingakapheleli imininingwane ephelele ngokudlula kwakhe emhlabeni, siyiZindaba24 sithi dudu emndenini wakwaNcwane.

Share This:

Sponsored Links