Uncategorized

Umkhwenyana ubotshwa emtshadweni

25 Aug, 2016 - 18:08 0 Views

uMthunywa

Durban — Usale ubambe ongezansi umphakathi waseMfekayi, eMtubatuba, ngesikhathi kuboshwa umkhwenyana phambi kwabebehambele lo mgcagco.

Ngokutsho komthombo obukhona kwenzeka konke lokhu, kutheleke amaphoyisa kusajatshulwa abopha umkhwenyana ngezinsolo zokubulala intombazane “ebivalelwe” yindodana yakhe, kubika iSolezwe.

“Umkhwenyana ubematasa elungiselela umshado ngeSonto ezintatha ngesikhathi kutheleka umfana wakwamakhelwane ezofuna intombi yakhe okuthiwa ibivalelene endlini nendodana kamkhwenyana.

“Umkhwenyana ube esexabana nomfana wakamakhelwane, wangena endlini wayolanda isibhamu.

Uthe uma esethi uyamdubula ngebhadi kwadubuleka intombi esiphundu.

“Ibe isishonela lapho,” kutsho lo mthombo.

Kuthiwa umgcagco uqhubekile kwadingeka ukuthi umkhwenyana abanjelwe yisihlobo.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane usiqinisekisile lesi sigameko, wathi imbangela yalokhu ibingakaziwa. — News 24

Share This:

Sponsored Links