Uncategorized

Usehamba i-rehab ngenxa yophuzo oludakayo uZahara

22 Jul, 2016 - 00:07 0 Views
Usehamba i-rehab ngenxa yophuzo oludakayo uZahara uBulelwa Mkutukane owaziwa ngelokuthi Zahara

uMthunywa

Johannesburg — Sekuvele imibiko ethi umzwilili weSouth Africa uBulelwa Mkutukane, odume ngelikaZahara, usengeniswe esikhungweni sokuhlunyeleliswa ngenxa yokucwila kakhulu ophuzweni oludakayo.

Iphephandaba iSunday Sun  libike ukuthi lo umculi “usephindele ekunkunkeni utshwala”, ngokusho kwemithombo emithathu engashayi eceleni, kubika iCitizen.

Lo mbiko uqhuba ngokuthi abaphathi bakhe bakhathazekile ngoZahara ngoba abazi ukuthi yini ezolandela, ngoba lomculi uzimatanisa nabantu abangalungile.

Kuthiwa lesi sikhungo sidla izindodla zemali, kanti omunye umthombo uthi kusolakala ukuthi uZahara unokhwantalala kulandela ukugconwa kakhulu ngezithombe abezifaka ezinkundleni zokuxhumana.

Omunye umthombo uthe uZahara kumele ancike emndenini wakhe uma efuna usizo, hhayi la bangani abangogedleyihlekisa abathola embonini yezomculo.

Uphrojusa kaZahara uRobbie Malinga uthe ingamampunge eyokuthi lo mculi uhamba e-rehab. — News 24

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/JRD3VTT" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds