Uncategorized

UZuma ukhuza intsha ‘ngezitokofela zocansi’

24 Jun, 2016 - 00:06 0 Views
UZuma ukhuza intsha ‘ngezitokofela zocansi’ UJacob Zuma

uMthunywa

UKHUZE ibhadi uMongameli Jacob Zuma emcimbini wokugubha uSuku lweNtsha ngabantu abagqugquzela ukuziphatha budlabha kwentsha baze benze lemicimbi egqugquzela ukuya ocansini.

Emcimbini obuse-Orlando Stadium, eSoweto, uZuma ukhuze wababaza ngokuthi kunemicimbi ebizwa ngezitokofela lapho kucwilwa khona otshwaleni kuze kube “nendali” yocansi kuyo.

Ubekhuluma ngomcimbi oke wasusa umsindo obizwa ngeMavuso oba sePitoli lapho kuthiwa khona kuhlanganwa estokofeleni bese kumenyezelwa ukuthi intengo yocansi ngalolo suku imalini.

Kuthiwa abesilisa babe sebezikhethela abesifazane abazobathengela utshwala bese beya nabo ocansini.

UZuma uthe yizinto ezinjengalezi ezibulala intsha nesizwe kanti abantu kumele bapheze ukwenza izinto ezizoholela ekutheni intsha icwile ophuzweni lasezidakamizweni.

“Hhayi bo, kanti liyafa izwe sihleli nje! Wake wezwaphi kuthiwa kunephathi yocansi? Wake wayizwaphi into enjalo?” kubuza uZuma ekhuza ibhadi emcimbini woSuku lweNtsha obekugujwa kuwo iminyaka engu-40 kukhunjulwa intsha yango-1976 eyagcwala imigwaqo eSoweto ilwa iphikisana lokufunda ngolimi lwesiBhunu.

Uthe intsha ikakhulukazi eyabesifazane kumele ivikelwe ezintweni ezinjengalezi njengoba zingaba nomthelela lasekubhebhethekeni kwegcikwane lengculazi.

UZuma ubekhuluma nezinkulungwane zabantu abasha ababuye bathokozela umculo wezihlabani okubalwa kuzo uDr Malinga, Sipho “Hotstix” Mabuse, uKholeka, uZahara nabanye.

Abanye bebengaphandle kwenkundla emgwaqweni uMooki lapho bebebhiyoza khona bephethe nezingqwembe ezikhuluma ngokuntuleka kwemisebenzi.—Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/JRD3VTT" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds